USAZIWAYO waseThekwini, uMinenhle "Minnie" Dlamini, uthulele isigqoko bonke abantu abawe bevuka naye ohambweni lwakhe lwempilo kule minyaka eyedlule.
UMINNIE Dlamini ukhale wemuka nomklomelo kuma-10th Forbes Woman Africa Awards
Image: SIGCINIWE
UMinnie (34), oyindodakazi kaMnuz Jabulani noNkk Queen Dlamini, ubebonga emuva kokuhlabana ngomklomelo i-Excellence in Entertainment Award kuma-10th Forbes Woman Africa Awards abebanjelwe eSunbet Arena in Time Square, ePitoli, kuleli sonto.
"Emndenini wami, okwenu lokhu boSibalukhulu," kusho uMinnie obekwikhava yephephabhuku elihamba phambili e-Afrika, iForbes Africa.
Kulo mqhudelwano wezindondo kusuke kubungazwa abesifazane bemikhakha ehlukahlukene abavelele e-Afrika namaphethelo.
UMinnie ubengomunye wezikhulumi engqungqutheleni yabesifazane abangongqaphambili, i-2025 Forbes Woman Africa Leading Women Summit, eshiyelana inkundla nezinye izintandokazi zakuleli okubalwa kuzo uZolani "One Who Sings" Mahola, Yvonne Chaka Chaka, Zozibini noMpoomy Ledwaba. Njengamanje uMinnie uyapepenyeka nesoka lakhe, uDkt Brian Monaisa eLagos, eNigeria.
UMinnie waqala ukuzakhela udumo kuleli ngesikhathi eqashwa njengomethuli wohlelo lwethelevishini lukaSABC 1, iLive Amp. Ubuye wabamba iqhaza nakwiMetro FM futhi wadidiyela namafilimu.
Related Topics: