Udutshulwe wafa umfana oneminyaka engu-18 obesolwa ngokuthwebula iqulu labantu abebezingela izinswelaboya eMaoti.
Image: Reaction Unit South Africa
KUBULAWE umfana oneminyaka engu-18 ubudala ngemuva kokusolwa ngokuthwebula iqulu labantu lithungatha abasolwa ngobugebengu e-Amaoti, ngeSonto.
Kuthiwa isixuku ebesihlanganisa amadoda alinganiselwa ku-80 abehlome ngocelemba, izinduku zegalofu, izikhali zendabuko kanye nezibhamu athungatha abasolwa ngamacala okubulala nokugebenga endaweni. Kuthiwa baphinde bashisa imizi emibili (2) yezigelekeqe.
Ngokubika kwabeReaction Unit South Africa (RUSA), bathi bathole ucingo lwabebefuna usizo ngemuva kokudutshulwa kwalo mfona. Bafikile abezimo eziphuthumayo endaweni yesehlo ngehora leshumi nambili kodwa nngeshwa umfana ubesethule egcekeni lakubo.
Kubikwa ukuthi nomfowabo omdala kamufi ubaleke edutshulwa naye.
AbeRUSA bathi; "Umndeni usitshele ukuthi lezi zelamani bezihlezi egcekeni ngesikhathi kudlula iqulu labantu abathe besuka babasola ngokubathwebula, babashaya badubula ibhungu lashona.