KUBHIMBE uhlelo kowesilisa osolwa ngokushayisa ngamabomu imoto ngoba ehlose ukuzibulala yena nonkosikazi wakhe ngesikhathi kunengxabano.
Onogada beReaction Unit South Africa (RUSA) babizelwe kuHazelmere Road, eMhlasini ngo-9:42 ekuseni ngeSonto Befika, bathole imoto iNissan SUV ensundu esikhotheni eduze komgwaqo, owesifazane oneminyaka engu-49 watshela onogada ukuthi yena nomyeni wakhe bebesuka eCottonlands beya eMhlasini ngesikhathi efica izingubo zowesifazane emotweni yakhe.
"Kuqubuke ingxabano phakathi kwabo, umyeni wasabisa ngokuthi uzozibulala naye unkosikazi,' kusho abeRUSA.
Uchezuke emgwaqweni ehlose ukuyoshayisa esihlahleni, kodwa imoto yashayisa idwala yama. Owesifazane ulimale emhlane wabe esephuthunyiswa esibhedlela nge-ambhulensi.